Jude (Zulu)
1
1:1b.JUD.001.001 UJuda inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe, kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:
1:2b.JUD.001.002 Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.
1:3b.JUD.001.003 Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.
1:4b.JUD.001.004 Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa yilokhu kulahlwa, abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.
1:5b.JUD.001.005 Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,
1:6b.JUD.001.006 nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,
1:7b.JUD.001.007 njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.
1:8b.JUD.001.008 Nokho ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama, bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi.
1:9b.JUD.001.009 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”
1:10b.JUD.001.010 Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo, nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.
1:11b.JUD.001.011 Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!
1:12b.JUD.001.012 Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;
1:13b.JUD.001.013 bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.
1:14b.JUD.001.014 U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,
1:15b.JUD.001.015 ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”
1:16b.JUD.001.016 Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.
1:17b.JUD.001.017 Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu
1:18b.JUD.001.018 abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.
1:19b.JUD.001.019 Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.
1:20b.JUD.001.020 Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,
1:21b.JUD.001.021 nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.
1:22b.JUD.001.022 Abanye, abangabazayo, nibahawukele,
1:23b.JUD.001.023 nibasindise ngokubahlwitha emlilweni, kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama.
1:24b.JUD.001.024 Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,
1:25b.JUD.001.025 kuye uNkulunkulu oyedwa, uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. Jude (Zulu). Jude (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C54F-2