3 John (Zulu)
1
1:1b.3JO.001.001 Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.
1:2b.3JO.001.002 Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
1:3b.3JO.001.003 Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni.
1:4b.3JO.001.004 Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
1:5b.3JO.001.005 Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo
1:6b.3JO.001.006 abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;
1:7b.3JO.001.007 ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.
1:8b.3JO.001.008 Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.
1:9b.3JO.001.009 Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina.
1:10b.3JO.001.010 Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.
1:11b.3JO.001.011 Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
1:12b.3JO.001.012 UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.
1:13b.3JO.001.013 Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki nosiba;
1:14b.3JO.001.014 kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.
1:15b.3JO.001.015 Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 3 John (Zulu). 3 John (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C54C-5