1 John (Zulu)
1
1:1b.1JO.001.001 Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila —
1:2b.1JO.001.002 lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina —
1:3b.1JO.001.003 lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.
1:4b.1JO.001.004 Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele.
1:5b.1JO.001.005 Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
1:6b.1JO.001.006 Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;
1:7b.1JO.001.007 kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
1:8b.1JO.001.008 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.
1:9b.1JO.001.009 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
1:10b.1JO.001.010 Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.
2
2:1b.1JO.002.001 Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
2:2b.1JO.002.002 yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
2:3b.1JO.002.003 Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.
2:4b.1JO.002.004 Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;
2:5b.1JO.002.005 kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;
2:6b.1JO.002.006 lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
2:7b.1JO.002.007 Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.
2:8b.1JO.002.008 Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.
2:9b.1JO.002.009 Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu.
2:10b.1JO.002.010 Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye;
2:11b.1JO.002.011 kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.
2:12b.1JO.002.012 Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe.
2:13b.1JO.002.013 Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.
2:14b.1JO.002.014 Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.
2:15b.1JO.002.015 Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye,
2:16b.1JO.002.016 ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
2:17b.1JO.002.017 Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
2:18b.1JO.002.018 Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
2:19b.1JO.002.019 Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.
2:20b.1JO.002.020 Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.
2:21b.1JO.002.021 Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni.
2:22b.1JO.002.022 Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.
2:23b.1JO.002.023 Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.
2:24b.1JO.002.024 Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.
2:25b.1JO.002.025 Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.
2:26b.1JO.002.026 Nganilobela lokho ngabo abanidukisayo.
2:27b.1JO.002.027 Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.
2:28b.1JO.002.028 Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.
2:29b.1JO.002.029 Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.
3
3:1b.1JO.003.001 Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
3:2b.1JO.003.002 Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
3:3b.1JO.003.003 Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
3:4b.1JO.003.004 Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
3:5b.1JO.003.005 Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
3:6b.1JO.003.006 Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
3:7b.1JO.003.007 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;
3:8b.1JO.003.008 owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
3:9b.1JO.003.009 Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
3:10b.1JO.003.010 Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.
3:11b.1JO.003.011 Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,
3:12b.1JO.003.012 kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
3:13b.1JO.003.013 Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.
3:14b.1JO.003.014 Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.
3:15b.1JO.003.015 Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
3:16b.1JO.003.016 Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
3:17b.1JO.003.017 Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
3:18b.1JO.003.018 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
3:19b.1JO.003.019 Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe
3:20b.1JO.003.020 ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.
3:21b.1JO.003.021 Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu,
3:22b.1JO.003.022 nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
3:23b.1JO.003.023 Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.
3:24b.1JO.003.024 Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
4
4:1b.1JO.004.001 Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
4:2b.1JO.004.002 Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu;
4:3b.1JO.004.003 lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.
4:4b.1JO.004.004 NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
4:5b.1JO.004.005 Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.
4:6b.1JO.004.006 Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.
4:7b.1JO.004.007 Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
4:8b.1JO.004.008 Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
4:9b.1JO.004.009 Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.
4:10b.1JO.004.010 Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
4:11b.1JO.004.011 Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
4:12b.1JO.004.012 UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.
4:13b.1JO.004.013 Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.
4:14b.1JO.004.014 Thina sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi wezwe.
4:15b.1JO.004.015 Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
4:16b.1JO.004.016 Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
4:17b.1JO.004.017 Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.
4:18b.1JO.004.018 Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.
4:19b.1JO.004.019 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
4:20b.1JO.004.020 Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
4:21b.1JO.004.021 Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.
5
5:1b.1JO.005.001 Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.
5:2b.1JO.005.002 Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.
5:3b.1JO.005.003 Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,
5:4b.1JO.005.004 ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
5:5b.1JO.005.005 Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
5:6b.1JO.005.006 Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.
5:7b.1JO.005.007 Ngokuba bathathu abafakazayo,
5:8b.1JO.005.008 uMoya, namanzi, negazi; labo abathathu bavumelana entweni inye.
5:9b.1JO.005.009 Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.
5:10b.1JO.005.010 Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe. Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
5:11b.1JO.005.011 Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
5:12b.1JO.005.012 Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
5:13b.1JO.005.013 Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
5:14b.1JO.005.014 Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
5:15b.1JO.005.015 Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
5:16b.1JO.005.016 Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.
5:17b.1JO.005.017 Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa.
5:18b.1JO.005.018 Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.
5:19b.1JO.005.019 Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.
5:20b.1JO.005.020 Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
5:21b.1JO.005.021 Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 1 John (Zulu). 1 John (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C546-B