James (Zulu)
1
1:1b.JAM.001.001 UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.
1:2b.JAM.001.002 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,
1:3b.JAM.001.003 nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
1:4b.JAM.001.004 Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.
1:5b.JAM.001.005 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
1:6b.JAM.001.006 Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
1:7b.JAM.001.007 Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,
1:8b.JAM.001.008 umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.
1:9b.JAM.001.009 Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe,
1:10b.JAM.001.010 kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
1:11b.JAM.001.011 Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.
1:12b.JAM.001.012 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
1:13b.JAM.001.013 Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.
1:14b.JAM.001.014 Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa;
1:15b.JAM.001.015 uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
1:16b.JAM.001.016 Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.
1:17b.JAM.001.017 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
1:18b.JAM.001.018 Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.
1:19b.JAM.001.019 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;
1:20b.JAM.001.020 ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu.
1:21b.JAM.001.021 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
1:22b.JAM.001.022 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
1:23b.JAM.001.023 Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;
1:24b.JAM.001.024 ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.
1:25b.JAM.001.025 Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
1:26b.JAM.001.026 Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
1:27b.JAM.001.027 Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
2
2:1b.JAM.002.001 Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.
2:2b.JAM.002.002 Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,
2:3b.JAM.002.003 nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,”
2:4b.JAM.002.004 anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?
2:5b.JAM.002.005 Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?
2:6b.JAM.002.006 Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?
2:7b.JAM.002.007 Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?
2:8b.JAM.002.008 Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;
2:9b.JAM.002.009 kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
2:10b.JAM.002.010 Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.
2:11b.JAM.002.011 Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.
2:12b.JAM.002.012 Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
2:13b.JAM.002.013 Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.
2:14b.JAM.002.014 Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?
2:15b.JAM.002.015 Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla,
2:16b.JAM.002.016 kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?
2:17b.JAM.002.017 Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
2:18b.JAM.002.018 Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.
2:19b.JAM.002.019 Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
2:20b.JAM.002.020 Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?
2:21b.JAM.002.021 U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?
2:22b.JAM.002.022 Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,
2:23b.JAM.002.023 kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.
2:24b.JAM.002.024 Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela.
2:25b.JAM.002.025 Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?
2:26b.JAM.002.026 Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.
3
3:1b.JAM.003.001 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.
3:2b.JAM.003.002 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
3:3b.JAM.003.003 Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo.
3:4b.JAM.003.004 Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
3:5b.JAM.003.005 Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;
3:6b.JAM.003.006 nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.
3:7b.JAM.003.007 Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;
3:8b.JAM.003.008 kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.
3:9b.JAM.003.009 Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu;
3:10b.JAM.003.010 emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
3:11b.JAM.003.011 Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?
3:12b.JAM.003.012 Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi.
3:13b.JAM.003.013 Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
3:14b.JAM.003.014 Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.
3:15b.JAM.003.015 Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;
3:16b.JAM.003.016 ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.
3:17b.JAM.003.017 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
3:18b.JAM.003.018 Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.
4
4:1b.JAM.004.001 Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?
4:2b.JAM.004.002 Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli;
4:3b.JAM.004.003 niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.
4:4b.JAM.004.004 Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
4:5b.JAM.004.005 Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?
4:6b.JAM.004.006 Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”
4:7b.JAM.004.007 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;
4:8b.JAM.004.008 sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
4:9b.JAM.004.009 Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.
4:10b.JAM.004.010 Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
4:11b.JAM.004.011 Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.
4:12b.JAM.004.012 Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
4:13b.JAM.004.013 Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”
4:14b.JAM.004.014 anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
4:15b.JAM.004.015 Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”
4:16b.JAM.004.016 Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.
4:17b.JAM.004.017 Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.
5
5:1b.JAM.005.001 Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.
5:2b.JAM.005.002 Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu;
5:3b.JAM.005.003 igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.
5:4b.JAM.005.004 Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.
5:5b.JAM.005.005 Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.
5:6b.JAM.005.006 Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani.
5:7b.JAM.005.007 Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.
5:8b.JAM.005.008 Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.
5:9b.JAM.005.009 Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.
5:10b.JAM.005.010 Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.
5:11b.JAM.005.011 Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.
5:12b.JAM.005.012 Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.
5:13b.JAM.005.013 Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.
5:14b.JAM.005.014 Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.
5:15b.JAM.005.015 Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.
5:16b.JAM.005.016 Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
5:17b.JAM.005.017 U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.
5:18b.JAM.005.018 Wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo.
5:19b.JAM.005.019 Bazalwane bami, uma omunye kini eduka eqinisweni, omunye ambuyise,
5:20b.JAM.005.020 yazini ukuthi obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. James (Zulu). James (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C53D-6