Philemon (Zulu)
1
1:1b.PHM.001.001 UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,
1:2b.PHM.001.002 naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho:
1:3b.PHM.001.003 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
1:4b.PHM.001.004 Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami,
1:5b.PHM.001.005 uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,
1:6b.PHM.001.006 ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu,
1:7b.PHM.001.007 ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.
1:8b.PHM.001.008 Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo,
1:9b.PHM.001.009 nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,
1:10b.PHM.001.010 ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;
1:11b.PHM.001.011 okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,
1:12b.PHM.001.012 engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,
1:13b.PHM.001.013 ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;
1:14b.PHM.001.014 kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.
1:15b.PHM.001.015 Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade,
1:16b.PHM.001.016 angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.
1:17b.PHM.001.017 Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi.
1:18b.PHM.001.018 Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;
1:19b.PHM.001.019 mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo.
1:20b.PHM.001.020 Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.
1:21b.PHM.001.021 Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.
1:22b.PHM.001.022 Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.
1:23b.PHM.001.023 Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,
1:24b.PHM.001.024 noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.
1:25b.PHM.001.025 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. Philemon (Zulu). Philemon (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C537-C