1 Timothy (Zulu)

1 Timothy (Zulu)

1

1:1b.1TI.001.001 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,

1:2b.1TI.001.002 kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.

1:3b.1TI.001.003 Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,

1:4b.1TI.001.004 futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

1:5b.1TI.001.005 kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,

1:6b.1TI.001.006 abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,

1:7b.1TI.001.007 befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.

1:8b.1TI.001.008 Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho,

1:9b.1TI.001.009 ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,

1:10b.1TI.001.010 nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,

1:11b.1TI.001.011 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.

1:12b.1TI.001.012 Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,

1:13b.1TI.001.013 noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.

1:14b.1TI.001.014 Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.

1:15b.1TI.001.015 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;

1:16b.1TI.001.016 kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

1:17b.1TI.001.017 Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

1:18b.1TI.001.018 Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,

1:19b.1TI.001.019 unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,

1:20b.1TI.001.020 abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.

2

2:1b.1TI.002.001 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,

2:2b.1TI.002.002 amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.

2:3b.1TI.002.003 Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu

2:4b.1TI.002.004 othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

2:5b.1TI.002.005 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,

2:6b.1TI.002.006 owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,

2:7b.1TI.002.007 engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli — ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga — yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

2:8b.1TI.002.008 Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.

2:9b.1TI.002.009 Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi,

2:10b.1TI.002.010 kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.

2:11b.1TI.002.011 Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke.

2:12b.1TI.002.012 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.

2:13b.1TI.002.013 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.

2:14b.1TI.002.014 Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka;

2:15b.1TI.002.015 kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

3

3:1b.1TI.003.001 Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.

3:2b.1TI.003.002 Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,

3:3b.1TI.003.003 ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,

3:4b.1TI.003.004 ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke —

3:5b.1TI.003.005 kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? —

3:6b.1TI.003.006 angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.

3:7b.1TI.003.007 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

3:8b.1TI.003.008 Ngokunjalo namadiyakoni kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,

3:9b.1TI.003.009 ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.

3:10b.1TI.003.010 Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.

3:11b.1TI.003.011 Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.

3:12b.1TI.003.012 Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.

3:13b.1TI.003.013 Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

3:14b.1TI.003.014 Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;

3:15b.1TI.003.015 kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

3:16b.1TI.003.016 Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.

4

4:1b.1TI.004.001 Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,

4:2b.1TI.004.002 ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,

4:3b.1TI.004.003 benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

4:4b.1TI.004.004 Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,

4:5b.1TI.004.005 ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.

4:6b.1TI.004.006 Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo;

4:7b.1TI.004.007 kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu.

4:8b.1TI.004.008 Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

4:9b.1TI.004.009 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa,

4:10b.1TI.004.010 ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.

4:11b.1TI.004.011 Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo.

4:12b.1TI.004.012 Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

4:13b.1TI.004.013 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.

4:14b.1TI.004.014 Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.

4:15b.1TI.004.015 Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.

4:16b.1TI.004.016 Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.

5

5:1b.1TI.005.001 Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,

5:2b.1TI.005.002 abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.

5:3b.1TI.005.003 Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.

5:4b.1TI.005.004 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.

5:5b.1TI.005.005 Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,

5:6b.1TI.005.006 kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.

5:7b.1TI.005.007 Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka.

5:8b.1TI.005.008 Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

5:9b.1TI.005.009 Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,

5:10b.1TI.005.010 ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.

5:11b.1TI.005.011 Kepha abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana;

5:12b.1TI.005.012 banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.

5:13b.1TI.005.013 Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.

5:14b.1TI.005.014 Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.

5:15b.1TI.005.015 Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane.

5:16b.1TI.005.016 Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.

5:17b.1TI.005.017 Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.

5:18b.1TI.005.018 Ngokuba umbhalo uthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo,” futhi: “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.”

5:19b.1TI.005.019 Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

5:20b.1TI.005.020 Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.

5:21b.1TI.005.021 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.

5:22b.1TI.005.022 Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.

5:23b.1TI.005.023 Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.

5:24b.1TI.005.024 Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela. 5:24 Gal. 5:19.

5:25b.1TI.005.025 Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.

6

6:1b.1TI.006.001 Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.

6:2b.1TI.006.002 Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.

6:3b.1TI.006.003 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu,

6:4b.1TI.006.004 ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,

6:5b.1TI.006.005 nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.

6:6b.1TI.006.006 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,

6:7b.1TI.006.007 ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi;

6:8b.1TI.006.008 kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.

6:9b.1TI.006.009 Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

6:10b.1TI.006.010 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

6:11b.1TI.006.011 Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

6:12b.1TI.006.012 Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

6:13b.1TI.006.013 Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,

6:14b.1TI.006.014 ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu

6:15b.1TI.006.015 ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi,

6:16b.1TI.006.016 yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.

6:17b.1TI.006.017 Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,

6:18b.1TI.006.018 benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,

6:19b.1TI.006.019 bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.

6:20b.1TI.006.020 Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,

6:21b.1TI.006.021 okuthi abanye bekuvuma, baduka ekukholweni. Umusa mawube nani.


Holder of rights
Multilingual Bible Corpus

Citation Suggestion for this Object
TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 1 Timothy (Zulu). 1 Timothy (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C52E-7