2 Thessalonians (Zulu)
1
1:1b.2TH.001.001 OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu:
1:2b.2TH.001.002 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.
1:3b.2TH.001.003 Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,
1:4b.2TH.001.004 kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo,
1:5b.2TH.001.005 okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo,
1:6b.2TH.001.006 uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,
1:7b.2TH.001.007 aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,
1:8b.2TH.001.008 elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,
1:9b.2TH.001.009 abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,
1:10b.2TH.001.010 nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.
1:11b.2TH.001.011 Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu, agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,
1:12b.2TH.001.012 ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.
2
2:1b.2TH.002.001 Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,
2:2b.2TH.002.002 ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile.
2:3b.2TH.002.003 Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,
2:4b.2TH.002.004 omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
2:5b.2TH.002.005 Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na?
2:6b.2TH.002.006 Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.
2:7b.2TH.002.007 Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.
2:8b.2TH.002.008 Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
2:9b.2TH.002.009 lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,
2:10b.2TH.002.010 nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
2:11b.2TH.002.011 Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,
2:12b.2TH.002.012 ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.
2:13b.2TH.002.013 Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso
2:14b.2TH.002.014 anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.
2:15b.2TH.002.015 Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile, nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
2:16b.2TH.002.016 Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,
2:17b.2TH.002.017 makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.
3
3:1b.2TH.003.001 Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini,
3:2b.2TH.003.002 nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke.
3:3b.2TH.003.003 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
3:4b.2TH.003.004 Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza.
3:5b.2TH.003.005 Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
3:6b.2TH.003.006 Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina.
3:7b.2TH.003.007 Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu,
3:8b.2TH.003.008 asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini,
3:9b.2TH.003.009 kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise.
3:10b.2TH.003.010 Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
3:11b.2TH.003.011 Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele, bengasebenzi lutho, kepha benza okuyize nje;
3:12b.2TH.003.012 abanjalo siyabayala sibaluleka eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa.
3:13b.2TH.003.013 Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.
3:14b.2TH.003.014 Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;
3:15b.2TH.003.015 kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.
3:16b.2TH.003.016 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
3:17b.2TH.003.017 Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.
3:18b.2TH.003.018 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 2 Thessalonians (Zulu). 2 Thessalonians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C52B-A