1 Thessalonians (Zulu)
1
1:1b.1TH.001.001 OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseTheselonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.
1:2b.1TH.001.002 Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu,
1:3b.1TH.001.003 sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,
1:4b.1TH.001.004 sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu
1:5b.1TH.001.005 ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.
1:6b.1TH.001.006 Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,
1:7b.1TH.001.007 naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.
1:8b.1TH.001.008 Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.
1:9b.1TH.001.009 Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,
1:10b.1TH.001.010 nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.
2
2:1b.1TH.002.001 Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize.
2:2b.1TH.002.002 Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.
2:3b.1TH.002.003 Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso,
2:4b.1TH.002.004 kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.
2:5b.1TH.002.005 Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi,
2:6b.1TH.002.006 singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye,
2:7b.1TH.002.007 ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe.
2:8b.1TH.002.008 Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.
2:9b.1TH.002.009 Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
2:10b.1TH.002.010 Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,
2:11b.1TH.002.011 njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe,
2:12b.1TH.002.012 siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.
2:13b.1TH.002.013 Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.
2:14b.1TH.002.014 Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda
2:15b.1TH.002.015 ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,
2:16b.1TH.002.016 besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.
2:17b.1TH.002.017 Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu.
2:18b.1TH.002.018 Ngakho besithanda ukuza kinina, mina Pawulu ngokwami kanye nakabili, kepha uSathane wasivimbela.
2:19b.1TH.002.019 Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?
2:20b.1TH.002.020 Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.
3
3:1b.1TH.003.001 Ngalokho kwathi singasenakubekezela, sathi kuhle ukuba sisale sodwa e-Athene,
3:2b.1TH.003.002 sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu
3:3b.1TH.003.003 ukuba kunganyakaziswa muntu ngalezo zinhlupheko; ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe lokho.
3:4b.1TH.003.004 Ngokuba kuthe sisekhona kini, sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwaba njalo, nani nikwazi.
3:5b.1TH.003.005 Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube yize.
3:6b.1TH.003.006 Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,
3:7b.1TH.003.007 ngalokho, bazalwane, saduduzeka ngani ngokukholwa kwenu ekusweleni nasosizini lwethu lonke,
3:8b.1TH.003.008 ngokuba kalokhu siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini.
3:9b.1TH.003.009 Ngokuba ngukubonga okunjani esingakubuyisela kuNkulunkulu ngani ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?
3:10b.1TH.003.010 Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.
3:11b.1TH.003.011 Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini,
3:12b.1TH.003.012 iNkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina,
3:13b.1TH.003.013 ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.
4
4:1b.1TH.004.001 Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.
4:2b.1TH.004.002 Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.
4:3b.1TH.004.003 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni
4:4b.1TH.004.004 ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,
4:5b.1TH.004.005 kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu
4:6b.1TH.004.006 ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.
4:7b.1TH.004.007 Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni.
4:8b.1TH.004.008 Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
4:9b.1TH.004.009 Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;
4:10b.1TH.004.010 nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,
4:11b.1TH.004.011 nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,
4:12b.1TH.004.012 ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.
4:13b.1TH.004.013 Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
4:14b.1TH.004.014 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
4:15b.1TH.004.015 Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo,
4:16b.1TH.004.016 ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,
4:17b.1TH.004.017 khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
4:18b.1TH.004.018 Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.
5
5:1b.1TH.005.001 Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa,
5:2b.1TH.005.002 ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
5:3b.1TH.005.003 Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.
5:4b.1TH.005.004 Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,
5:5b.1TH.005.005 ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;
5:6b.1TH.005.006 ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
5:7b.1TH.005.007 Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;
5:8b.1TH.005.008 kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;
5:9b.1TH.005.009 ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu
5:10b.1TH.005.010 owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.
5:11b.1TH.005.011 Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
5:12b.1TH.005.012 Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,
5:13b.1TH.005.013 nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.
5:14b.1TH.005.014 Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.
5:15b.1TH.005.015 Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
5:16b.1TH.005.016 Thokozani njalo;
5:17b.1TH.005.017 khulekani ningaphezi;
5:18b.1TH.005.018 kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
5:19b.1TH.005.019 Ningamcimi uMoya;
5:20b.1TH.005.020 ningakudeleli ukuprofetha;
5:21b.1TH.005.021 vivinyani konke, nibambisise okuhle;
5:22b.1TH.005.022 dedani kukho konke okubonakala kukubi.
5:23b.1TH.005.023 Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
5:24b.1TH.005.024 Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
5:25b.1TH.005.025 Bazalwane, sikhulekeleni.
5:26b.1TH.005.026 Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele.
5:27b.1TH.005.027 Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
5:28b.1TH.005.028 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 1 Thessalonians (Zulu). 1 Thessalonians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C528-D