Philippians (Zulu)
1
1:1b.PHI.001.001 OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:
1:2b.PHI.001.002 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
1:3b.PHI.001.003 Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke
1:4b.PHI.001.004 ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza,
1:5b.PHI.001.005 ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;
1:6b.PHI.001.006 ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,
1:7b.PHI.001.007 njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.
1:8b.PHI.001.008 Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.
1:9b.PHI.001.009 Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke,
1:10b.PHI.001.010 ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,
1:11b.PHI.001.011 nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
1:12b.PHI.001.012 Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli,
1:13b.PHI.001.013 kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu
1:14b.PHI.001.014 nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.
1:15b.PHI.001.015 Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle;
1:16b.PHI.001.016 laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli,
1:17b.PHI.001.017 kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.
1:18b.PHI.001.018 Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza,
1:19b.PHI.001.019 ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,
1:20b.PHI.001.020 njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
1:21b.PHI.001.021 Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.
1:22b.PHI.001.022 Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha.
1:23b.PHI.001.023 Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;
1:24b.PHI.001.024 kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.
1:25b.PHI.001.025 Lokhu nginalo leli themba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni,
1:26b.PHI.001.026 ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini.
1:27b.PHI.001.027 Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,
1:28b.PHI.001.028 ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu.
1:29b.PHI.001.029 Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,
1:30b.PHI.001.030 nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.
2
2:1b.PHI.002.001 Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,
2:2b.PHI.002.002 gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;
2:3b.PHI.002.003 ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,
2:4b.PHI.002.004 yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.
2:5b.PHI.002.005 Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu
2:6b.PHI.002.006 owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,
2:7b.PHI.002.007 kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;
2:8b.PHI.002.008 wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
2:9b.PHI.002.009 Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke,
2:10b.PHI.002.010 ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,
2:11b.PHI.002.011 nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
2:12b.PHI.002.012 Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,
2:13b.PHI.002.013 ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.
2:14b.PHI.002.014 Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,
2:15b.PHI.002.015 ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,
2:16b.PHI.002.016 nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.
2:17b.PHI.002.017 Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;
2:18b.PHI.002.018 ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.
2:19b.PHI.002.019 Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.
2:20b.PHI.002.020 Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;
2:21b.PHI.002.021 ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.
2:22b.PHI.002.022 Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.
2:23b.PHI.002.023 Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi;
2:24b.PHI.002.024 kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.
2:25b.PHI.002.025 Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,
2:26b.PHI.002.026 lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.
2:27b.PHI.002.027 Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.
2:28b.PHI.002.028 Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi.
2:29b.PHI.002.029 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,
2:30b.PHI.002.030 ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.
3
3:1b.PHI.003.001 Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.
3:2b.PHI.003.002 Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.
3:3b.PHI.003.003 Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,
3:4b.PHI.003.004 nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;
3:5b.PHI.003.005 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;
3:6b.PHI.003.006 ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.
3:7b.PHI.003.007 Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.
3:8b.PHI.003.008 Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,
3:9b.PHI.003.009 ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,
3:10b.PHI.003.010 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,
3:11b.PHI.003.011 uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,
3:12b.PHI.003.012 kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu.
3:13b.PHI.003.013 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,
3:14b.PHI.003.014 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
3:15b.PHI.003.015 Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,
3:16b.PHI.003.016 kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo.
3:17b.PHI.003.017 Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.
3:18b.PHI.003.018 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,
3:19b.PHI.003.019 abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.
3:20b.PHI.003.020 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,
3:21b.PHI.003.021 oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
4
4:1b.PHI.004.001 Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.
4:2b.PHI.004.002 Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini.
4:3b.PHI.004.003 Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.
4:4b.PHI.004.004 Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
4:5b.PHI.004.005 Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
4:6b.PHI.004.006 Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
4:7b.PHI.004.007 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
4:8b.PHI.004.008 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;
4:9b.PHI.004.009 enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
4:10b.PHI.004.010 Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba.
4:11b.PHI.004.011 Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
4:12b.PHI.004.012 Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
4:13b.PHI.004.013 Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
4:14b.PHI.004.014 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.
4:15b.PHI.004.015 Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,
4:16b.PHI.004.016 ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami.
4:17b.PHI.004.017 Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.
4:18b.PHI.004.018 Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
4:19b.PHI.004.019 UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
4:20b.PHI.004.020 KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
4:21b.PHI.004.021 Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bakhonza kinina.
4:22b.PHI.004.022 Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari.
4:23b.PHI.004.023 Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. Philippians (Zulu). Philippians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C522-3