Galatians (Zulu)
1
1:1b.GAL.001.001 UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,
1:2b.GAL.001.002 nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya:
1:3b.GAL.001.003 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu
1:4b.GAL.001.004 owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;
1:5b.GAL.001.005 makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen.
1:6b.GAL.001.006 Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,
1:7b.GAL.001.007 elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu.
1:8b.GAL.001.008 Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.
1:9b.GAL.001.009 Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.
1:10b.GAL.001.010 Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.
1:11b.GAL.001.011 Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu.
1:12b.GAL.001.012 Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu.
1:13b.GAL.001.013 Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha,
1:14b.GAL.001.014 futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.
1:15b.GAL.001.015 Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe
1:16b.GAL.001.016 ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi,
1:17b.GAL.001.017 futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.
1:18b.GAL.001.018 Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.
1:19b.GAL.001.019 Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi.
1:20b.GAL.001.020 Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga.
1:21b.GAL.001.021 Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.
1:22b.GAL.001.022 Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu,
1:23b.GAL.001.023 abesezwile nje ukuthi: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.”
1:24b.GAL.001.024 Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.
2
2:1b.GAL.002.001 Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi.
2:2b.GAL.002.002 Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize.
2:3b.GAL.002.003 Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke.
2:4b.GAL.002.004 Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila,
2:5b.GAL.002.005 esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.
2:6b.GAL.002.006 Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto — nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu — ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.
2:7b.GAL.002.007 Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo,
2:8b.GAL.002.008 ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe,
2:9b.GAL.002.009 bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,
2:10b.GAL.002.010 kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza.
2:11b.GAL.002.011 Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.
2:12b.GAL.002.012 Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka.
2:13b.GAL.002.013 Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo.
2:14b.GAL.002.014 Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?
2:15b.GAL.002.015 “Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe;
2:16b.GAL.002.016 kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
2:17b.GAL.002.017 “Kepha uma thina, lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu, nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye.
2:18b.GAL.002.018 Ngokuba uma ngibuye ngakhe engikudilizileyo, ngifakaza ukuthi ngingoweqa umthetho.
2:19b.GAL.002.019 Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu;
2:20b.GAL.002.020 akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
2:21b.GAL.002.021 Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”
3
3:1b.GAL.003.001 O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?
3:2b.GAL.003.002 Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
3:3b.GAL.003.003 Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?
3:4b.GAL.003.004 Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze.
3:5b.GAL.003.005 Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
3:6b.GAL.003.006 Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga.
3:7b.GAL.003.007 Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama.
3:8b.GAL.003.008 Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”
3:9b.GAL.003.009 Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.
3:10b.GAL.003.010 Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”
3:11b.GAL.003.011 Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa;
3:12b.GAL.003.012 ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho.
3:13b.GAL.003.013 UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”
3:14b.GAL.003.014 ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
3:15b.GAL.003.015 Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo.
3:16b.GAL.003.016 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.
3:17b.GAL.003.017 Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;
3:18b.GAL.003.018 ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.
3:19b.GAL.003.019 Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.
3:20b.GAL.003.020 Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.
3:21b.GAL.003.021 Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.
3:22b.GAL.003.022 Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
3:23b.GAL.003.023 Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa.
3:24b.GAL.003.024 Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa.
3:25b.GAL.003.025 Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.
3:26b.GAL.003.026 Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.
3:27b.GAL.003.027 Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.
3:28b.GAL.003.028 Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
3:29b.GAL.003.029 Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.
4
4:1b.GAL.004.001 Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke;
4:2b.GAL.004.002 kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili.
4:3b.GAL.004.003 Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;
4:4b.GAL.004.004 kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,
4:5b.GAL.004.005 ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.
4:6b.GAL.004.006 Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”
4:7b.GAL.004.007 Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.
4:8b.GAL.004.008 Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;
4:9b.GAL.004.009 kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?
4:10b.GAL.004.010 Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.
4:11b.GAL.004.011 Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.
4:12b.GAL.004.012 Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;
4:13b.GAL.004.013 kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
4:14b.GAL.004.014 nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.
4:15b.GAL.004.015 Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona.
4:16b.GAL.004.016 Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?
4:17b.GAL.004.017 Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.
4:18b.GAL.004.018 Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,
4:19b.GAL.004.019 bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;
4:20b.GAL.004.020 kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.
4:21b.GAL.004.021 Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?
4:22b.GAL.004.022 Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.
4:23b.GAL.004.023 Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.
4:24b.GAL.004.024 Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
4:25b.GAL.004.025 Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.
4:26b.GAL.004.026 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.
4:27b.GAL.004.027 Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazaliyo; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.”
4:28b.GAL.004.028 Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.
4:29b.GAL.004.029 Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.
4:30b.GAL.004.030 Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”
4:31b.GAL.004.031 Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.
5
5:1b.GAL.005.001 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
5:2b.GAL.005.002 Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho.
5:3b.GAL.005.003 Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.
5:4b.GAL.005.004 Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
5:5b.GAL.005.005 Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.
5:6b.GAL.005.006 Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
5:7b.GAL.005.007 Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?
5:8b.GAL.005.008 Lokho kuyenga akuveli konibizayo.
5:9b.GAL.005.009 Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.
5:10b.GAL.005.010 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.
5:11b.GAL.005.011 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano.
5:12b.GAL.005.012 Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.
5:13b.GAL.005.013 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
5:14b.GAL.005.014 Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
5:15b.GAL.005.015 Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.
5:16b.GAL.005.016 Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
5:17b.GAL.005.017 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
5:18b.GAL.005.018 Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
5:19b.GAL.005.019 Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,
5:20b.GAL.005.020 nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
5:21b.GAL.005.021 nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
5:22b.GAL.005.022 Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
5:23b.GAL.005.023 nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
5:24b.GAL.005.024 Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
5:25b.GAL.005.025 Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
5:26b.GAL.005.026 Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.
6
6:1b.GAL.006.001 Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
6:2b.GAL.006.002 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.
6:3b.GAL.006.003 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.
6:4b.GAL.006.004 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
6:5b.GAL.006.005 ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.
6:6b.GAL.006.006 Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.
6:7b.GAL.006.007 Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
6:8b.GAL.006.008 Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
6:9b.GAL.006.009 Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
6:10b.GAL.006.010 Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
6:11b.GAL.006.011 Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla.
6:12b.GAL.006.012 Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.
6:13b.GAL.006.013 Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.
6:14b.GAL.006.014 Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.
6:15b.GAL.006.015 Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.
6:16b.GAL.006.016 Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.
6:17b.GAL.006.017 Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
6:18b.GAL.006.018 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. Galatians (Zulu). Galatians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C51C-B