1 Corinthians (Zulu)
1
1:1b.1CO.001.001 UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,
1:2b.1CO.001.002 kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:
1:3b.1CO.001.003 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
1:4b.1CO.001.004 Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu
1:5b.1CO.001.005 ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke,
1:6b.1CO.001.006 njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini,
1:7b.1CO.001.007 ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,
1:8b.1CO.001.008 yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.
1:9b.1CO.001.009 Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.
1:10b.1CO.001.010 Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.
1:11b.1CO.001.011 Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu.
1:12b.1CO.001.012 Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka-Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”.
1:13b.1CO.001.013 UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
1:14b.1CO.001.014 Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu,
1:15b.1CO.001.015 funa kube khona othi nabhapathizwa egameni lami.
1:16b.1CO.001.016 Kodwa ngabhapathiza nabendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuba ngabhapathiza omunye.
1:17b.1CO.001.017 Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize, kepha ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwe ize.
1:18b.1CO.001.018 Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.
1:19b.1CO.001.019 Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”
1:20b.1CO.001.020 Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?
1:21b.1CO.001.021 Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.
1:22b.1CO.001.022 Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha,
1:23b.1CO.001.023 kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,
1:24b.1CO.001.024 kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
1:25b.1CO.001.025 Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.
1:26b.1CO.001.026 Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu,
1:27b.1CO.001.027 kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;
1:28b.1CO.001.028 nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,
1:29b.1CO.001.029 ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.
1:30b.1CO.001.030 Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,
1:31b.1CO.001.031 ukuze kuthi njengokulotshiweyo: “Ozibongayo akazibonge eNkosini.”
2
2:1b.1CO.002.001 Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.
2:2b.1CO.002.002 Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.
2:3b.1CO.002.003 Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu;
2:4b.1CO.002.004 nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,
2:5b.1CO.002.005 ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.
2:6b.1CO.002.006 Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.
2:7b.1CO.002.007 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade,
2:8b.1CO.002.008 okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;
2:9b.1CO.002.009 kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
2:10b.1CO.002.010 Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
2:11b.1CO.002.011 Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
2:12b.1CO.002.012 Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,
2:13b.1CO.002.013 esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.
2:14b.1CO.002.014 Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
2:15b.1CO.002.015 Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu.
2:16b.1CO.002.016 Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.
3
3:1b.1CO.003.001 Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.
3:2b.1CO.003.002 Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini,
3:3b.1CO.003.003 ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?
3:4b.1CO.003.004 Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?
3:5b.1CO.003.005 Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.
3:6b.1CO.003.006 Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.
3:7b.1CO.003.007 Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
3:8b.1CO.003.008 Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.
3:9b.1CO.003.009 Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
3:10b.1CO.003.010 Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
3:11b.1CO.003.011 Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.
3:12b.1CO.003.012 Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,
3:13b.1CO.003.013 umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.
3:14b.1CO.003.014 Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo;
3:15b.1CO.003.015 uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.
3:16b.1CO.003.016 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
3:17b.1CO.003.017 Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
3:18b.1CO.003.018 Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
3:19b.1CO.003.019 Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”
3:20b.1CO.003.020 nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.”
3:21b.1CO.003.021 Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu,
3:22b.1CO.003.022 noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu;
3:23b.1CO.003.023 nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.
4
4:1b.1CO.004.001 Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.
4:2b.1CO.004.002 Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.
4:3b.1CO.004.003 Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.
4:4b.1CO.004.004 Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.
4:5b.1CO.004.005 Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.
4:6b.1CO.004.006 Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.
4:7b.1CO.004.007 Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?
4:8b.1CO.004.008 Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.
4:9b.1CO.004.009 Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.
4:10b.1CO.004.010 Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa.
4:11b.1CO.004.011 Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima,
4:12b.1CO.004.012 siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;
4:13b.1CO.004.013 sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.
4:14b.1CO.004.014 Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.
4:15b.1CO.004.015 Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
4:16b.1CO.004.016 Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.
4:17b.1CO.004.017 Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
4:18b.1CO.004.018 Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;
4:19b.1CO.004.019 kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.
4:20b.1CO.004.020 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.
4:21b.1CO.004.021 Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?
5
5:1b.1CO.005.001 Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
5:2b.1CO.005.002 Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
5:3b.1CO.005.003 Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba
5:4b.1CO.005.004 egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5:5b.1CO.005.005 onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
5:6b.1CO.005.006 Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
5:7b.1CO.005.007 Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
5:8b.1CO.005.008 Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
5:9b.1CO.005.009 Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
5:10b.1CO.005.010 angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
5:11b.1CO.005.011 kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
5:12b.1CO.005.012 Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?
5:13b.1CO.005.013 Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.
6
6:1b.1CO.006.001 Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na?
6:2b.1CO.006.002 Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?
6:3b.1CO.006.003 Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.
6:4b.1CO.006.004 Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na?
6:5b.1CO.006.005 Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?
6:6b.1CO.006.006 Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?
6:7b.1CO.006.007 Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?
6:8b.1CO.006.008 Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.
6:9b.1CO.006.009 Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,
6:10b.1CO.006.010 namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
6:11b.1CO.006.011 Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
6:12b.1CO.006.012 Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
6:13b.1CO.006.013 Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;
6:14b.1CO.006.014 kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.
6:15b.1CO.006.015 Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
6:16b.1CO.006.016 Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.”
6:17b.1CO.006.017 Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.
6:18b.1CO.006.018 Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
6:19b.1CO.006.019 Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
6:20b.1CO.006.020 Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
7
7:1b.1CO.007.001 Maqondana nalokho enaloba ngakho, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.
7:2b.1CO.007.002 Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
7:3b.1CO.007.003 Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni.
7:4b.1CO.007.004 Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.
7:5b.1CO.007.005 Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
7:6b.1CO.007.006 Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo.
7:7b.1CO.007.007 Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.
7:8b.1CO.007.008 Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami.
7:9b.1CO.007.009 Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.
7:10b.1CO.007.010 Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;
7:11b.1CO.007.011 — kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe — nendoda ingamlahli umkayo.
7:12b.1CO.007.012 Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;
7:13b.1CO.007.013 nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda.
7:14b.1CO.007.014 Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
7:15b.1CO.007.015 Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula.
7:16b.1CO.007.016 Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?
7:17b.1CO.007.017 Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele, kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.
7:18b.1CO.007.018 Ukhona obizwe esokile na? Kangabi njengongasokile. Ukhona obizwe engasokile na? Kangasoki.
7:19b.1CO.007.019 Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.
7:20b.1CO.007.020 Akube yilowo nalowo ahlale kulokho kubizwa abizwe ekukho.
7:21b.1CO.007.021 Ubizwe uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho. Kepha uma kwenzeka ukuba ukhululwe, kukhethe lokho.
7:22b.1CO.007.022 Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungokhululekile weNkosi; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu.
7:23b.1CO.007.023 Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu.
7:24b.1CO.007.024 Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.
7:25b.1CO.007.025 Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi.
7:26b.1CO.007.026 Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo.
7:27b.1CO.007.027 Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi.
7:28b.1CO.007.028 Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.
7:29b.1CO.007.029 Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo,
7:30b.1CO.007.030 nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto,
7:31b.1CO.007.031 nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula.
7:32b.1CO.007.032 Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi.
7:33b.1CO.007.033 Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe,
7:34b.1CO.007.034 wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe.
7:35b.1CO.007.035 Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.
7:36b.1CO.007.036 Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane.
7:37b.1CO.007.037 Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.
7:38b.1CO.007.038 Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu.
7:39b.1CO.007.039 Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini.
7:40b.1CO.007.040 Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.
8
8:1b.1CO.008.001 Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
8:2b.1CO.008.002 Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi;
8:3b.1CO.008.003 kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
8:4b.1CO.008.004 Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.
8:5b.1CO.008.005 Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,
8:6b.1CO.008.006 nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
8:7b.1CO.008.007 Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.
8:8b.1CO.008.008 Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.
8:9b.1CO.008.009 Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
8:10b.1CO.008.010 Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?
8:11b.1CO.008.011 Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu.
8:12b.1CO.008.012 Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu.
8:13b.1CO.008.013 Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.
9
9:1b.1CO.009.001 Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?
9:2b.1CO.009.002 Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.
9:3b.1CO.009.003 Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.
9:4b.1CO.009.004 Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na?
9:5b.1CO.009.005 Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?
9:6b.1CO.009.006 Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?
9:7b.1CO.009.007 Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?
9:8b.1CO.009.008 Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na?
9:9b.1CO.009.009 Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?
9:10b.1CO.009.010 Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.
9:11b.1CO.009.011 Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na?
9:12b.1CO.009.012 Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.
9:13b.1CO.009.013 Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?
9:14b.1CO.009.014 Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.
9:15b.1CO.009.015 Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami.
9:16b.1CO.009.016 Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!
9:17b.1CO.009.017 Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.
9:18b.1CO.009.018 Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.
9:19b.1CO.009.019 Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.
9:20b.1CO.009.020 KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;
9:21b.1CO.009.021 kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho;
9:22b.1CO.009.022 kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.
9:23b.1CO.009.023 Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona.
9:24b.1CO.009.024 Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.
9:25b.1CO.009.025 Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
9:26b.1CO.009.026 Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.
9:27b.1CO.009.027 Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
10
10:1b.1CO.010.001 Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;
10:2b.1CO.010.002 bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle;
10:3b.1CO.010.003 bonke badla kudla kunye komoya;
10:4b.1CO.010.004 bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.
10:5b.1CO.010.005 Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.
10:6b.1CO.010.006 Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.
10:7b.1CO.010.007 Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”
10:8b.1CO.010.008 Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.
10:9b.1CO.010.009 Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.
10:10b.1CO.010.010 Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.
10:11b.1CO.010.011 Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.
10:12b.1CO.010.012 Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.
10:13b.1CO.010.013 Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
10:14b.1CO.010.014 Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
10:15b.1CO.010.015 Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.
10:16b.1CO.010.016 Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?
10:17b.1CO.010.017 Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.
10:18b.1CO.010.018 Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na?
10:19b.1CO.010.019 Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na?
10:20b.1CO.010.020 Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.
10:21b.1CO.010.021 Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.
10:22b.1CO.010.022 Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?
10:23b.1CO.010.023 Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
10:24b.1CO.010.024 Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
10:25b.1CO.010.025 Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza,
10:26b.1CO.010.026 ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.
10:27b.1CO.010.027 Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.
10:28b.1CO.010.028 Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,
10:29b.1CO.010.029 kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na?
10:30b.1CO.010.030 Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na?
10:31b.1CO.010.031 Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
10:32b.1CO.010.032 Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu,
10:33b.1CO.010.033 njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.
11
11:1b.1CO.011.001 Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.
11:2b.1CO.011.002 Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.
11:3b.1CO.011.003 Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.
11:4b.1CO.011.004 Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.
11:5b.1CO.011.005 Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.
11:6b.1CO.011.006 Ngokuba uma owesifazane engagubuzele, akagundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphuce, akagubuzele.
11:7b.1CO.011.007 Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda.
11:8b.1CO.011.008 Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni.
11:9b.1CO.011.009 Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda.
11:10b.1CO.011.010 Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.
11:11b.1CO.011.011 Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,
11:12b.1CO.011.012 ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.
11:13b.1CO.011.013 Ziboneleni nina ngokwenu; kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na?
11:14b.1CO.011.014 Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo,
11:15b.1CO.011.015 nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo.
11:16b.1CO.011.016 Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.
11:17b.1CO.011.017 Kepha nxa ngiyala ngalokho, anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi.
11:18b.1CO.011.018 Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.
11:19b.1CO.011.019 Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.
11:20b.1CO.011.020 Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho;
11:21b.1CO.011.021 ngokuba ekudleni kwenu yilowo nalowo uthatha okwakhe ukudla ngaphambili, omunye alambe, omunye adakwe.
11:22b.1CO.011.022 Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenanto na? Ngizakuthini kini na? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho.
11:23b.1CO.011.023 Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,
11:24b.1CO.011.024 wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”
11:25b.1CO.011.025 Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.”
11:26b.1CO.011.026 Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.
11:27b.1CO.011.027 Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.
11:28b.1CO.011.028 Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha.
11:29b.1CO.011.029 Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.
11:30b.1CO.011.030 Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele.
11:31b.1CO.011.031 Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.
11:32b.1CO.011.032 Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.
11:33b.1CO.011.033 Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana.
11:34b.1CO.011.034 Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.
12
12:1b.1CO.012.001 Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi.
12:2b.1CO.012.002 Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.
12:3b.1CO.012.003 Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
12:4b.1CO.012.004 Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya.
12:5b.1CO.012.005 Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi.
12:6b.1CO.012.006 Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.
12:7b.1CO.012.007 Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza.
12:8b.1CO.012.008 Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,
12:9b.1CO.012.009 omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,
12:10b.1CO.012.010 omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
12:11b.1CO.012.011 Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.
12:12b.1CO.012.012 Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.
12:13b.1CO.012.013 Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
12:14b.1CO.012.014 Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi.
12:15b.1CO.012.015 Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba.
12:16b.1CO.012.016 Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba.
12:17b.1CO.012.017 Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?
12:18b.1CO.012.018 Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.
12:19b.1CO.012.019 Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na?
12:20b.1CO.012.020 Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.
12:21b.1CO.012.021 Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”
12:22b.1CO.012.022 Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka;
12:23b.1CO.012.023 nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu.
12:24b.1CO.012.024 Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,
12:25b.1CO.012.025 ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
12:26b.1CO.012.026 Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.
12:27b.1CO.012.027 Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.
12:28b.1CO.012.028 UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
12:29b.1CO.012.029 Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?
12:30b.1CO.012.030 Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?
12:31b.1CO.012.031 Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.
13
13:1b.1CO.013.001 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
13:2b.1CO.013.002 Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
13:3b.1CO.013.003 Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
13:4b.1CO.013.004 Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;
13:5b.1CO.013.005 aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;
13:6b.1CO.013.006 aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;
13:7b.1CO.013.007 lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
13:8b.1CO.013.008 Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.
13:9b.1CO.013.009 Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.
13:10b.1CO.013.010 Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.
13:11b.1CO.013.011 Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.
13:12b.1CO.013.012 Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.
13:13b.1CO.013.013 Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
14
14:1b.1CO.014.001 Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe.
14:2b.1CO.014.002 Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.
14:3b.1CO.014.003 Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi.
14:4b.1CO.014.004 Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.
14:5b.1CO.014.005 Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.
14:6b.1CO.014.006 Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na?
14:7b.1CO.014.007 Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo, noma igenkle noma ihabhu, uma zingakhali ngokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na?
14:8b.1CO.014.008 Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na?
14:9b.1CO.014.009 Kanjalo nani, uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi, kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.
14:10b.1CO.014.010 Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile.
14:11b.1CO.014.011 Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.
14:12b.1CO.014.012 Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.
14:13b.1CO.014.013 Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe.
14:14b.1CO.014.014 Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo.
14:15b.1CO.014.015 Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
14:16b.1CO.014.016 Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo?
14:17b.1CO.014.017 Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa.
14:18b.1CO.014.018 Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;
14:19b.1CO.014.019 kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.
14:20b.1CO.014.020 Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.
14:21b.1CO.014.021 Emthethweni kulotshiwe ukuthi: “Ngabantu bezinye izilimi, nangezindebe zabezinye izizwe ngiyakukhuluma kulesi sizwe; kepha noma kunjalo abayikungizwa,” kusho iNkosi.
14:22b.1CO.014.022 Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabangakholwayo.
14:23b.1CO.014.023 Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na?
14:24b.1CO.014.024 Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;
14:25b.1CO.014.025 okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”
14:26b.1CO.014.026 Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.
14:27b.1CO.014.027 Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe;
14:28b.1CO.014.028 kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.
14:29b.1CO.014.029 Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole.
14:30b.1CO.014.030 Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.
14:31b.1CO.014.031 Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke;
14:32b.1CO.014.032 imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi;
14:33b.1CO.014.033 ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,
14:34b.1CO.014.034 abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho.
14:35b.1CO.014.035 Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.
14:36b.1CO.014.036 Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na?
14:37b.1CO.014.037 Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi.
14:38b.1CO.014.038 Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi.
14:39b.1CO.014.039 Ngakho-ke, bazalwane bami, zondelelani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.
14:40b.1CO.014.040 Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.
15
15:1b.1CO.015.001 Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo,
15:2b.1CO.015.002 nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.
15:3b.1CO.015.003 Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,
15:4b.1CO.015.004 nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,
15:5b.1CO.015.005 nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili;
15:6b.1CO.015.006 emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele;
15:7b.1CO.015.007 emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke;
15:8b.1CO.015.008 ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.
15:9b.1CO.015.009 Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.
15:10b.1CO.015.010 Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.
15:11b.1CO.015.011 Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.
15:12b.1CO.015.012 Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?
15:13b.1CO.015.013 Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.
15:14b.1CO.015.014 Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.
15:15b.1CO.015.015 Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.
15:16b.1CO.015.016 Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu.
15:17b.1CO.015.017 Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu.
15:18b.1CO.015.018 Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.
15:19b.1CO.015.019 Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.
15:20b.1CO.015.020 Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.
15:21b.1CO.015.021 Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.
15:22b.1CO.015.022 Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.
15:23b.1CO.015.023 Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,
15:24b.1CO.015.024 andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla.
15:25b.1CO.015.025 Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.
15:26b.1CO.015.026 Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.
15:27b.1CO.015.027 Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.
15:28b.1CO.015.028 Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.
15:29b.1CO.015.029 Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?
15:30b.1CO.015.030 Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?
15:31b.1CO.015.031 Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.
15:32b.1CO.015.032 Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
15:33b.1CO.015.033 Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
15:34b.1CO.015.034 Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
15:35b.1CO.015.035 Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?”
15:36b.1CO.015.036 Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga;
15:37b.1CO.015.037 futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;
15:38b.1CO.015.038 kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe, yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.
15:39b.1CO.015.039 Inyama yonke ayinhlobonye, kepha enye ngeyabantu, enye yinyama yezilwane, enye yinyama yezinyoni, enye ngeyezinhlanzi.
15:40b.1CO.015.040 Ikhona nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yeyasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa.
15:41b.1CO.015.041 Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
15:42b.1CO.015.042 Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola;
15:43b.1CO.015.043 kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.
15:44b.1CO.015.044 Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.
15:45b.1CO.015.045 Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
15:46b.1CO.015.046 Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo; bese kuba ngokomoya.
15:47b.1CO.015.047 Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
15:48b.1CO.015.048 Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi; nanjengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini.
15:49b.1CO.015.049 Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi, siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.
15:50b.1CO.015.050 Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.
15:51b.1CO.015.051 Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,
15:52b.1CO.015.052 ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.
15:53b.1CO.015.053 Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.
15:54b.1CO.015.054 Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
15:55b.1CO.015.055 “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”
15:56b.1CO.015.056 Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
15:57b.1CO.015.057 Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
15:58b.1CO.015.058 Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
16
16:1b.1CO.016.001 Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
16:2b.1CO.016.002 Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.
16:3b.1CO.016.003 Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;
16:4b.1CO.016.004 uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.
16:5b.1CO.016.005 Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;
16:6b.1CO.016.006 kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.
16:7b.1CO.016.007 Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.
16:8b.1CO.016.008 Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;
16:9b.1CO.016.009 ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.
16:10b.1CO.016.010 Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;
16:11b.1CO.016.011 ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.
16:12b.1CO.016.012 Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.
16:13b.1CO.016.013 Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
16:14b.1CO.016.014 Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
16:15b.1CO.016.015 Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele
16:16b.1CO.016.016 ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.
16:17b.1CO.016.017 Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.
16:18b.1CO.016.018 Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.
16:19b.1CO.016.019 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.
16:20b.1CO.016.020 Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
16:21b.1CO.016.021 Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.
16:22b.1CO.016.022 Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!
16:23b.1CO.016.023 Umusa weNkosi uJesu mawube nani.
16:24b.1CO.016.024 Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 1 Corinthians (Zulu). 1 Corinthians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C516-1