2 John (Zulu)

2 John (Zulu)

1

1:1b.2JO.001.001 Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,

1:2b.2JO.001.002 ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.

1:3b.2JO.001.003 Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando.

1:4b.2JO.001.004 Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.

1:5b.2JO.001.005 Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.

1:6b.2JO.001.006 Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.

1:7b.2JO.001.007 Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.

1:8b.2JO.001.008 Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.

1:9b.2JO.001.009 Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.

1:10b.2JO.001.010 Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli;

1:11b.2JO.001.011 ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.

1:12b.2JO.001.012 Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.

1:13b.2JO.001.013 Abantwana bakadadewenu okhethiweyo bayakhonza kuwe.


Holder of rights
Multilingual Bible Corpus

Citation Suggestion for this Object
TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 2 John (Zulu). 2 John (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C549-8