2 Timothy (Zulu)

2 Timothy (Zulu)

1

1:1b.2TI.001.001 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

1:2b.2TI.001.002 kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.

1:3b.2TI.001.003 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,

1:4b.2TI.001.004 ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,

1:5b.2TI.001.005 ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.

1:6b.2TI.001.006 Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.

1:7b.2TI.001.007 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

1:8b.2TI.001.008 Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

1:9b.2TI.001.009 owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,

1:10b.2TI.001.010 kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli,

1:11b.2TI.001.011 engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi;

1:12b.2TI.001.012 ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.

1:13b.2TI.001.013 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;

1:14b.2TI.001.014 okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.

1:15b.2TI.001.015 Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.

1:16b.2TI.001.016 INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,

1:17b.2TI.001.017 kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana —

1:18b.2TI.001.018 iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku — konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.

2

2:1b.2TI.002.001 Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;

2:2b.2TI.002.002 lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.

2:3b.2TI.002.003 Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.

2:4b.2TI.002.004 Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.

2:5b.2TI.002.005 Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.

2:6b.2TI.002.006 Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.

2:7b.2TI.002.007 Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

2:8b.2TI.002.008 Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,

2:9b.2TI.002.009 engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.

2:10b.2TI.002.010 Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.

2:11b.2TI.002.011 Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi;

2:12b.2TI.002.012 uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;

2:13b.2TI.002.013 uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.

2:14b.2TI.002.014 Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.

2:15b.2TI.002.015 Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.

2:16b.2TI.002.016 Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,

2:17b.2TI.002.017 nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu

2:18b.2TI.002.018 abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.

2:19b.2TI.002.019 Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”

2:20b.2TI.002.020 Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;

2:21b.2TI.002.021 ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.

2:22b.2TI.002.022 Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.

2:23b.2TI.002.023 Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa;

2:24b.2TI.002.024 inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela,

2:25b.2TI.002.025 ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,

2:26b.2TI.002.026 basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

3

3:1b.2TI.003.001 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima;

3:2b.2TI.003.002 ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo,

3:3b.2TI.003.003 nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,

3:4b.2TI.003.004 nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,

3:5b.2TI.003.005 nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.

3:6b.2TI.003.006 Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo,

3:7b.2TI.003.007 befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.

3:8b.2TI.003.008 NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni.

3:9b.2TI.003.009 Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo.

3:10b.2TI.003.010 Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela,

3:11b.2TI.003.011 nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.

3:12b.2TI.003.012 Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.

3:13b.2TI.003.013 Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.

3:14b.2TI.003.014 Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani,

3:15b.2TI.003.015 nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

3:16b.2TI.003.016 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,

3:17b.2TI.003.017 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

4

4:1b.2TI.004.001 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:

4:2b.2TI.004.002 Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

4:3b.2TI.004.003 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

4:4b.2TI.004.004 bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

4:5b.2TI.004.005 Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

4:6b.2TI.004.006 Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.

4:7b.2TI.004.007 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;

4:8b.2TI.004.008 sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.

4:9b.2TI.004.009 Shesha uze kimi masinyane.

4:10b.2TI.004.010 Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;

4:11b.2TI.004.011 nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.

4:12b.2TI.004.012 UThikhiku sengamthuma e-Efesu.

4:13b.2TI.004.013 Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.

4:14b.2TI.004.014 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;

4:15b.2TI.004.015 umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.

4:16b.2TI.004.016 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

4:17b.2TI.004.017 kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.

4:18b.2TI.004.018 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

4:19b.2TI.004.019 Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.

4:20b.2TI.004.020 U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.

4:21b.2TI.004.021 Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.

4:22b.2TI.004.022 INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.


Holder of rights
Multilingual Bible Corpus

Citation Suggestion for this Object
TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 2 Timothy (Zulu). 2 Timothy (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C531-2