Colossians (Zulu)
1
1:1b.COL.001.001 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane
1:2b.COL.001.002 kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
1:3b.COL.001.003 Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela,
1:4b.COL.001.004 lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,
1:5b.COL.001.005 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli
1:6b.COL.001.006 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,
1:7b.COL.001.007 njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;
1:8b.COL.001.008 okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
1:9b.COL.001.009 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,
1:10b.COL.001.010 nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,
1:11b.COL.001.011 niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;
1:12b.COL.001.012 nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,
1:13b.COL.001.013 owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;
1:14b.COL.001.014 okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,
1:15b.COL.001.015 yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,
1:16b.COL.001.016 ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;
1:17b.COL.001.017 yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;
1:18b.COL.001.018 yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,
1:19b.COL.001.019 ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo
1:20b.COL.001.020 nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.
1:21b.COL.001.021 Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,
1:22b.COL.001.022 nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
1:23b.COL.001.023 uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.
1:24b.COL.001.024 Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;
1:25b.COL.001.025 engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,
1:26b.COL.001.026 ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;
1:27b.COL.001.027 okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;
1:28b.COL.001.028 okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,
1:29b.COL.001.029 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.
2
2:1b.COL.002.001 Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,
2:2b.COL.002.002 ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu,
2:3b.COL.002.003 okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.
2:4b.COL.002.004 Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga.
2:5b.COL.002.005 Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
2:6b.COL.002.006 Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,
2:7b.COL.002.007 nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
2:8b.COL.002.008 Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.
2:9b.COL.002.009 Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;
2:10b.COL.002.010 nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,
2:11b.COL.002.011 enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;
2:12b.COL.002.012 nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
2:13b.COL.002.013 Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu;
2:14b.COL.002.014 esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;
2:15b.COL.002.015 ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.
2:16b.COL.002.016 Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,
2:17b.COL.002.017 okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
2:18b.COL.002.018 Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,
2:19b.COL.002.019 engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.
2:20b.COL.002.020 Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:
2:21b.COL.002.021 “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,”
2:22b.COL.002.022 okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu
2:23b.COL.002.023 ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.
3
3:1b.COL.003.001 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
3:2b.COL.003.002 nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
3:3b.COL.003.003 Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
3:4b.COL.003.004 nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
3:5b.COL.003.005 Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,
3:6b.COL.003.006 okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,
3:7b.COL.003.007 ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho;
3:8b.COL.003.008 kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;
3:9b.COL.003.009 ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,
3:10b.COL.003.010 nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,
3:11b.COL.003.011 lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.
3:12b.COL.003.012 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,
3:13b.COL.003.013 nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
3:14b.COL.003.014 Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
3:15b.COL.003.015 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
3:16b.COL.003.016 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
3:17b.COL.003.017 Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
3:18b.COL.003.018 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
3:19b.COL.003.019 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
3:20b.COL.003.020 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
3:21b.COL.003.021 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
3:22b.COL.003.022 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.
3:23b.COL.003.023 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,
3:24b.COL.003.024 nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.
3:25b.COL.003.025 Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.
4
4:1b.COL.004.001 Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
4:2b.COL.004.002 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
4:3b.COL.004.003 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,
4:4b.COL.004.004 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
4:5b.COL.004.005 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
4:6b.COL.004.006 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
4:7b.COL.004.007 Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
4:8b.COL.004.008 engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu,
4:9b.COL.004.009 kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha.
4:10b.COL.004.010 Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye — uma efika kini mamukeleni —
4:11b.COL.004.011 noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.
4:12b.COL.004.012 Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
4:13b.COL.004.013 Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi.
4:14b.COL.004.014 Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.
4:15b.COL.004.015 Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe.
4:16b.COL.004.016 Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.
4:17b.COL.004.017 Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”
4:18b.COL.004.018 Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. Colossians (Zulu). Colossians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C525-0