2 Corinthians (Zulu)
1
1:1b.2CO.001.001 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:
1:2b.2CO.001.002 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
1:3b.2CO.001.003 Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,
1:4b.2CO.001.004 osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
1:5b.2CO.001.005 Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.
1:6b.2CO.001.006 Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.
1:7b.2CO.001.007 Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.
1:8b.2CO.001.008 Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.
1:9b.2CO.001.009 Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo,
1:10b.2CO.001.010 owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.
1:11b.2CO.001.011 Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.
1:12b.2CO.001.012 Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
1:13b.2CO.001.013 Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni,
1:14b.2CO.001.014 njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.
1:15b.2CO.001.015 Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,
1:16b.2CO.001.016 ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya.
1:17b.2CO.001.017 Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na?
1:18b.2CO.001.018 Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo.
1:19b.2CO.001.019 Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.
1:20b.2CO.001.020 Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.
1:21b.2CO.001.021 Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu,
1:22b.2CO.001.022 owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.
1:23b.2CO.001.023 Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,
1:24b.2CO.001.024 kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.
2
2:1b.2CO.002.001 Kepha ngazimisela lokhu nami ngokwami ukuthi angisayikuza kini nginokudabuka.
2:2b.2CO.002.002 Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na?
2:3b.2CO.002.003 Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.
2:4b.2CO.002.004 Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.
2:5b.2CO.002.005 Kepha uma kukhona odabukisileyo, akangidabukisanga mina, kodwa, ukuze ngingeqisi, ngokwenxenye unidabukisile nonke.
2:6b.2CO.002.006 Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi;
2:7b.2CO.002.007 kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu.
2:8b.2CO.002.008 Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando;
2:9b.2CO.002.009 ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho, ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini.
2:10b.2CO.002.010 Kepha lowo enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo, ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu,
2:11b.2CO.002.011 ukuze singehlulwa nguSathane; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe.
2:12b.2CO.002.012 Kepha mhla ngifika eTrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKristu, ngivulelwe umnyango eNkosini,
2:13b.2CO.002.013 angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.
2:14b.2CO.002.014 Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;
2:15b.2CO.002.015 ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo,
2:16b.2CO.002.016 kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na?
2:17b.2CO.002.017 Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.
3
3:1b.2CO.003.001 Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na?
3:2b.2CO.003.002 Nina niyincwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke,
3:3b.2CO.003.003 nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.
3:4b.2CO.003.004 Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu,
3:5b.2CO.003.005 kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,
3:6b.2CO.003.006 oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
3:7b.2CO.003.007 Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,
3:8b.2CO.003.008 pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na?
3:9b.2CO.003.009 Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.
3:10b.2CO.003.010 Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo.
3:11b.2CO.003.011 Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo.
3:12b.2CO.003.012 Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke,
3:13b.2CO.003.013 asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela.
3:14b.2CO.003.014 Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;
3:15b.2CO.003.015 yebo, kuze kube namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo;
3:16b.2CO.003.016 kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa.
3:17b.2CO.003.017 INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
3:18b.2CO.003.018 Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.
4
4:1b.2CO.004.001 Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali,
4:2b.2CO.004.002 kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.
4:3b.2CO.004.003 Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo,
4:4b.2CO.004.004 okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
4:5b.2CO.004.005 Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.
4:6b.2CO.004.006 Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.
4:7b.2CO.004.007 Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.
4:8b.2CO.004.008 Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali;
4:9b.2CO.004.009 siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa;
4:10b.2CO.004.010 sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.
4:11b.2CO.004.011 Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.
4:12b.2CO.004.012 Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.
4:13b.2CO.004.013 Lokhu sinawo lo moya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma,” nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,
4:14b.2CO.004.014 sazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani.
4:15b.2CO.004.015 Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube ludumo kuNkulunkulu.
4:16b.2CO.004.016 Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
4:17b.2CO.004.017 Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,
4:18b.2CO.004.018 thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.
5
5:1b.2CO.005.001 Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
5:2b.2CO.005.002 Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukwelakanyiswa ngendlu yethu yasezulwini,
5:3b.2CO.005.003 ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze.
5:4b.2CO.005.004 Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.
5:5b.2CO.005.005 Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya.
5:6b.2CO.005.006 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;
5:7b.2CO.005.007 ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;
5:8b.2CO.005.008 simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.
5:9b.2CO.005.009 Ngalokho futhi, noma sisekhaya noma sahlukene nalo, sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye.
5:10b.2CO.005.010 Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.
5:11b.2CO.005.011 Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.
5:12b.2CO.005.012 Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi, ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni.
5:13b.2CO.005.013 Ngokuba noma sigcwaneka, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.
5:14b.2CO.005.014 Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;
5:15b.2CO.005.015 wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.
5:16b.2CO.005.016 Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.
5:17b.2CO.005.017 Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
5:18b.2CO.005.018 Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,
5:19b.2CO.005.019 ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
5:20b.2CO.005.020 Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”
5:21b.2CO.005.021 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
6
6:1b.2CO.006.001 Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu —
6:2b.2CO.006.002 ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; —
6:3b.2CO.006.003 asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe,
6:4b.2CO.006.004 kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni,
6:5b.2CO.006.005 nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,
6:6b.2CO.006.006 nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi,
6:7b.2CO.006.007 nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,
6:8b.2CO.006.008 ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,
6:9b.2CO.006.009 njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,
6:10b.2CO.006.010 njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
6:11b.2CO.006.011 Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;
6:12b.2CO.006.012 aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;
6:13b.2CO.006.013 kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.
6:14b.2CO.006.014 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
6:15b.2CO.006.015 Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
6:16b.2CO.006.016 Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”
6:17b.2CO.006.017 “Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
6:18b.2CO.006.018 ngibe nguYihlo kini, nina nibe ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla.”
7
7:1b.2CO.007.001 Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
7:2b.2CO.007.002 Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asidlanga muntu.
7:3b.2CO.007.003 Angikusho ngokunilahla; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani.
7:4b.2CO.007.004 Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo.
7:5b.2CO.007.005 Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.
7:6b.2CO.007.006 Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu,
7:7b.2CO.007.007 kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu.
7:8b.2CO.007.008 Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola — ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje —
7:9b.2CO.007.009 manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi.
7:10b.2CO.007.010 Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
7:11b.2CO.007.011 Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.
7:12b.2CO.007.012 Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.
7:13b.2CO.007.013 Ngalokho siduduzekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela, ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu, ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke;
7:14b.2CO.007.014 ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso.
7:15b.2CO.007.015 Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.
7:16b.2CO.007.016 Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.
8
8:1b.2CO.008.001 Kepha siyanazisa, bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya
8:2b.2CO.008.002 ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekuphaneni okupheleleyo;
8:3b.2CO.008.003 ngokuba ngokwawo anikela njengamandla awo, yebo, ngiyafakaza ngithi, nangaphezu kwamandla awo;
8:4b.2CO.008.004 asinxusa kakhulu ecela umusa wokuhlanganyela ekukhonzeni abangcwele;
8:5b.2CO.008.005 futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,
8:6b.2CO.008.006 saze samncenga uThithu ukuba, njengalokho wayeseqalile ngaphambili, kanjalo afeze futhi kini lowo msebenzi womusa.
8:7b.2CO.008.007 Kepha njengalokho nivamile kukho konke: ukukholwa, namazwi, nokwazi, nokukhuthala konke, nothando enisithanda ngalo, manivame nakuwo lowo msebenzi womusa.
8:8b.2CO.008.008 Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu;
8:9b.2CO.008.009 ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
8:10b.2CO.008.010 Kulokhu nginitshela ukubona kwami; ngokuba lokhu kulungele nina enaqala nyakenye, kungekwenza kuphela kepha nokuthanda;
8:11b.2CO.008.011 kepha manje fezani nokwenza, ukuze njengalokho kwaba khona inhliziyo ethandayo, kanjalo kube khona nokufeza njengeninakho.
8:12b.2CO.008.012 Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
8:13b.2CO.008.013 Ngokuba angikusho lokhu ukuba abanye bakhululeke, nina nikhathazeke, kodwa kube ngokulinganayo,
8:14b.2CO.008.014 ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,
8:15b.2CO.008.015 njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kowaba nokuningi kakusalanga, nowaba nokuncane kantulanga.”
8:16b.2CO.008.016 Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,
8:17b.2CO.008.017 ngokuba wamukela umyalo wethu, kepha naye ekhuthele kakhulu waphuma eza kini ngokuzithandela.
8:18b.2CO.008.018 Sithumele kanye naye umzalwane oludumo lwakhe ngevangeli lwandile kuwo onke amabandla,
8:19b.2CO.008.019 kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi yiwo amabandla ukuba ahambisane nathi ngendaba yalo mnikelo osetshenzwe yithi, kube ludumo kuyo iNkosi, kubonakalise ukukhuthala kwethu,
8:20b.2CO.008.020 sigwemele lokhu ukuthi kungaba khona osisolayo ngalesi sipho esikhulu esisetshenzwe yithi;
8:21b.2CO.008.021 ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.
8:22b.2CO.008.022 Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.
8:23b.2CO.008.023 Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKristu.
8:24b.2CO.008.024 Ngakho manibonakalise kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.
9
9:1b.2CO.009.001 Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele,
9:2b.2CO.009.002 ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i-Akhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo.
9:3b.2CO.009.003 Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele,
9:4b.2CO.009.004 funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya, banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina — singasaniphathi nina — ngaleli themba.
9:5b.2CO.009.005 Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini, balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisiwe, sibe njengesesibusiso, singabi njengesokuncishana.
9:6b.2CO.009.006 Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
9:7b.2CO.009.007 Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
9:8b.2CO.009.008 Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,
9:9b.2CO.009.009 njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Wahlaphaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.”
9:10b.2CO.009.010 Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu,
9:11b.2CO.009.011 ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
9:12b.2CO.009.012 Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi,
9:13b.2CO.009.013 lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke,
9:14b.2CO.009.014 banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini.
9:15b.2CO.009.015 Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.
10
10:1b.2CO.010.001 Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,
10:2b.2CO.010.002 ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.
10:3b.2CO.010.003 Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama,
10:4b.2CO.010.004 ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
10:5b.2CO.010.005 nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;
10:6b.2CO.010.006 futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.
10:7b.2CO.010.007 Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.
10:8b.2CO.010.008 Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe, angiyikujabhiswa,
10:9b.2CO.010.009 ukuze ngingabi njengokungathi benginethusa nje ngezincwadi.
10:10b.2CO.010.010 Ngokuba izincwadi-ke bathi zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.
10:11b.2CO.010.011 Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nxa singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.
10:12b.2CO.010.012 Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.
10:13b.2CO.010.013 Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu, ukuze sifinyelele nakini.
10:14b.2CO.010.014 Ngokuba asizeluli ngokweqisa ngokungathi asifinyeleli kini, ngokuba sifikile kwaze kwaba nakini ngevangeli likaKristu,
10:15b.2CO.010.015 singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa, kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu, siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu,
10:16b.2CO.010.016 size sishumayele ivangeli nasezindaweni ezingaphambi kwakini, singazibongi ngezinto esezenziwe endaweni yomunye.
10:17b.2CO.010.017 Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini.
10:18b.2CO.010.018 Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.
11
11:1b.2CO.011.001 Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana, yebo, ngibekezeleleni.
11:2b.2CO.011.002 Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu, ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.
11:3b.2CO.011.003 Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.
11:4b.2CO.011.004 Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.
11:5b.2CO.011.005 Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.
11:6b.2CO.011.006 Noma ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngokwazi; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.
11:7b.2CO.011.007 Kumbe ngonile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina, lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na?
11:8b.2CO.011.008 Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuba ngikhonze nina;
11:9b.2CO.011.009 nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.
11:10b.2CO.011.010 Njengalokhu iqiniso likaKristu likimi, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya.
11:11b.2CO.011.011 Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi.
11:12b.2CO.011.012 Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi, ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.
11:13b.2CO.011.013 Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.
11:14b.2CO.011.014 Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.
11:15b.2CO.011.015 Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.
11:16b.2CO.011.016 Ngiyaphinda ngithi: Makungasho muntu ngami ukuthi ngiyisiwula; kepha noma kungaba njalo, nokho ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizibonge kancane.
11:17b.2CO.011.017 Lokho engikushoyo ngalesi sibindi sokuzibonga, angikusho ngokweNkosi, kodwa ngikusho kungathi ngobuwula.
11:18b.2CO.011.018 Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga.
11:19b.2CO.011.019 Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,
11:20b.2CO.011.020 ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.
11:21b.2CO.011.021 Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho — ngikhuluma ngobuwula — nami nginesibindi ngakho.
11:22b.2CO.011.022 BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.
11:23b.2CO.011.023 Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya — ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
11:24b.2CO.011.024 KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane;
11:25b.2CO.011.025 ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;
11:26b.2CO.011.026 ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,
11:27b.2CO.011.027 ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze;
11:28b.2CO.011.028 ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.
11:29b.2CO.011.029 Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?
11:30b.2CO.011.030 Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.
11:31b.2CO.011.031 UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.
11:32b.2CO.011.032 EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;
11:33b.2CO.011.033 ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.
12
12:1b.2CO.012.001 Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.
12:2b.2CO.012.002 Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane — nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo — onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
12:3b.2CO.012.003 Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo — nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo —
12:4b.2CO.012.004 ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.
12:5b.2CO.012.005 Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami.
12:6b.2CO.012.006 Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.
12:7b.2CO.012.007 Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.
12:8b.2CO.012.008 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi.
12:9b.2CO.012.009 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
12:10b.2CO.012.010 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
12:11b.2CO.012.011 Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.
12:12b.2CO.012.012 Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.
12:13b.2CO.012.013 Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala.
12:14b.2CO.012.014 Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.
12:15b.2CO.012.015 Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na?
12:16b.2CO.012.016 Kepha makube ngukuthi anginisindanga mina, kodwa lokhu ngiyisihlakaniphi, nganibamba ngobuqili.
12:17b.2CO.012.017 Ngake nganiqilizela yini ngomunye walabo engabathumela kini na?
12:18b.2CO.012.018 Nganxusa uThithu, ngathuma kanye naye umzalwane; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na?
12:19b.2CO.012.019 Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini. Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu; kepha konke, bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu.
12:20b.2CO.012.020 Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,
12:21b.2CO.012.021 funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.
13
13:1b.2CO.013.001 Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”
13:2b.2CO.013.002 Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili — ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili — ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.
13:3b.2CO.013.003 Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.
13:4b.2CO.013.004 Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.
13:5b.2CO.013.005 Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.
13:6b.2CO.013.006 Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa.
13:7b.2CO.013.007 Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze okuhle, noma thina singaba njengabaliwayo.
13:8b.2CO.013.008 Ngokuba asinamandla okwenza utho, uma simelana neqiniso, kuphela uma simela iqiniso.
13:9b.2CO.013.009 Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu.
13:10b.2CO.013.010 Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.
13:11b.2CO.013.011 Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
13:12b.2CO.013.012 Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
13:13b.2CO.013.013 Abangcwele bonke bayakhonza kini.
13:14b.2CO.013.014 Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Holder of rights
- Multilingual Bible Corpus
- Citation Suggestion for this Object
- TextGrid Repository (2025). Zulu Collection. 2 Corinthians (Zulu). 2 Corinthians (Zulu). Multilingual Parallel Bible Corpus. Multilingual Bible Corpus. https://hdl.handle.net/21.11113/0000-0016-C519-E